previous | next
 
 
 

NOMBEKO
Nombeko ntombenhle,
Ngikubheke ngawami ukhula,
Ubuhle bakho ngibubonile
Okwelanga emkhathini bungikhanyele.
Isimilo sakho besibukeka okobuso bakho,
Ibizo lakho ugcwalisekile, 'ngempela unguwena wembeko.
Kukhanyile ukuba kuye wonke umuntu
Ukuba inina lamanina uzaphuma kuwe.

Namhlanje usukhulile Nombeko,
Sengikubona ngelihlo elilothando,
Lapha ungibheka sengiqhuqha amadolo.
Ngihamba endleleni, inyoni zingihlabelela igama yakho,
Ngisebenza ngiphandlwa ngubuso bakho obukhazimulayo,
Emaphutsheni umuzi wethu sengawakha
Ngawufulela njalo ngawusinda ngothando,
Emaphutsheni ezakho indebe sengazanga ngezami,
Eyami ingqondo isebenza ngokudlulileyo
Ngicabanga amazwi engingakuyenyezela wona.

Muthi bani ongiphe wona, Nombeko,
Ongenza ngifise ukuba yisithunzi sakho,
Ngikulandele lapho ongihilele khona?
Enjabulweni lekudaneni ngifisa ukuba lawe,
Lapho okhona ngibe khona lami.
Ngifisa ukuba yingubo yakho
Ngivikele emqandweni lebunqunwini.

Nombeko ngifisa ukuba yikho konke kuwe,
Ngifisa ukuthandwa lokunakekelwa nguwe,
Ngifisa ukuba ungihluthulele enhliziyweni yakho
Okwaphakade nginabe lempande kiyo,
Nombeko ngikuthandile mntanomuntu, ngitanda lawe.

Editor's Note: The poem is written from a point of view of a man who realises his love for Nombeko only after her departure.